Repository logo
 

Ucwaningo lokuhlola ukufundiswa kokufunda okubhaliwe ebangeni leshumi esiZulwini ulimi lokuqala lokwengeza esikoleni esisesifundeni sase Pinetown.

Loading...
Thumbnail Image

Date

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Inhloso yalolu cwaningo ukubheka ukufundiswa kokufunda okubhaliwe esiZulwini uLimi lokuQala lokweNgeza ebangeni leshumi. Lolu cwaningo luhlose ukuba kuphenduleke le mibuzongqangi emithathu elandelayo: (i) Othisha bakuqonda kanjani ukufundiswa kokufunda okubhaliwe ebangeni leshumi esiZulwini uLimi lokuQala lokweNgeza? (ii) Othisha bakufundisa kanjani ukufunda okubhaliwe ebangeni leshumi esiZulwini uLimi lokuQala lokweNgeza? (iii) Yini eyenza othisha bafundise ukufunda okubhaliwe ebangeni leshumi isiZulu uLimi lokuQala lokweNgeza ngendlela abakwenza ngayo? Ucwaningo lwenziwa esikoleni samabanga aphezulu esisendaweni yasePinetown. Kulesi sikole isiZulu sifundwa njengoLimi lokuQala lokweNgeza kanti sifundwa ngabafundi abakhuluma isiZulu njengoLimi lwaseKhaya kanye nalabo abakhuluma isiNgisi njengoLimi lwaseKhaya. Isikole sisendaweni enomphakathi oxube izinhlanga, amaNdiya namaZulu kanti nesikole sixubile, othisha nabafundi bangamaNdiya namaZulu. Bathathu othisha ababeyingxenye yocwaningo futhi bafundisa isiZulu uLimi lokuQala lokweNgeza. Lolu cwaningo luwucwaningo oluyikhwalithethivu (qualitative study), ngaphansi kwepharadaymu i- constructivism. Lolu wucwaningo oluyi- case study. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa izingxoxo ezisakuhleleka (semi-structured interviews) nokubukela othisha befundisa (observations). Kusetshenziswe injulalwazi i- social constructivist kaVygotsky (1978) kanye nemodeli yelandscape Kendeou, Rapp no- van den Broek (2005) ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Zine izindikimba ezigqama olwazini olutholakele. Indikimba yokuqala iphathelene nokungaqondi ukuthi kuyini ukufunda okubhaliwe. Lapha kuvela ukuthi othisha babheka ukufunda kuwukuphimisa kahle amagama, ukuchazwa kwamagama asembhalweni, ukuhlonipha izimpawu zokuloba, ukufunda kuzwakale kanye nokufundwa kwemibhalo yobuciko. Eyesibili imayelana nokungabi nanhloso ngokufundisa ukufunda okubhaliwe okuvezwa ngothisha ezingxoxweni zabo. Indikimba yesithathu iveza ukufundisa ukufunda okubhaliwe nokuhlola njengento eyodwa. Lapha kugqama ukuthi okubalulekile kothisha ukufundisela ukuhlola kunokufundisela ukuba abafundi bathuthuke ekufundeni imibhalo ngokuyiqondisisa. Eyokugcina iveza ukuba nothando lweholo kothisha esikhundleni sokuba nothando lomsebenzi. Okunye okucacayo ukuthi abakushoyo ezingxoxweni akufani nalokho abakwenzayo lapho befundisa. Izingxoxo zibaveza bengakukhathalele ngokuphelele ukufundisa futhi bengenanhloso yokufundisa ukufunda okubhaliwe, kodwa lapho sebefundisa kuyavela ukuthi kukhona abakwenzayo ukuzama ukulekelela abafundi ukuba bafunde imibhalo ngokuyiqonda. Ucwanigo lusonga ngokuphawula ngokuthi ukuba phansi kwamazinga okufunda okubhaliwe kubafundi kwenziwa ukuthi othisha ababalekeleli ngendlela efanele ukuze bathuthuke. Ngaleyo ndlela, kudingeka ukuba othisha bahlonyiswe ngokufundisa ukufunda okubhaliwe futhi bakuqonde ukubaluleka komsebenzi wabo.

Description

M. Ed. University of KwaZulu-Natal, Durban 2015.

Keywords

Zulu language--Study and teaching (Secondary)--South Africa--KwaZulu-Natal., Zulu (African people)--Books and reading., Zulu literature--Study and teaching (Secondary)--South Africa--KwaZulu-Natal., Language and languages--Study and teaching (Secondary)--South Africa--KwaZulu-Natal., Theses--Education.

Citation

DOI