Repository logo
 

Ukuhlaziywa kolimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2016

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Lolu cwaningo luhlaziya ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo, luphinde luveze umthelela wala magama olimini lwesiZulu. Lolu cwaningo lugxile kakhulu emtheleleni walolu limi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo ekukhuliseni ulimi lwesiZulu. Lolu cwaningo lwenziwe emaqenjini ebhola likanobhutshuzwayo esiFundazweni saKwaZulu-Natali, eThekwini namaphethelo. Isidingo esikhulu salolu cwaningo ukuthola ukuthi yiluphi ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo. Lapha kubhekwa izimvo zezintatheli, abalandeli kanye nabadlali bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo mayelana nolimi olusetshenziswa kulo mdlalo. Ulwazi kulolu cwaningo luqoqwe ngokusebenzisa indlela yekhwalithethivu. Ucwaningo ngokwekhwalithethivu lugxile ezintweni ezenzeka ngokwemvelo yazo. Lolu lwazi luqoqwe ngokusebenzisa izingxoxo, ukucutshungulwa kwemibhalo kanye nokubukela okwenzekayo ezinkundleni zemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo. Imithombo yolwazi okuxoxwe nayo kulolu cwaningo kube yizintatheli, abadlali kanye nabalandeli bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo. Izintatheli zisebenzisa lolu ulimi ukubhala ngemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo emaphephandabeni. Abasakazi bezemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo emisakazweni ehlukene kanye nakumabonakude basebenzisa lolu limi ukwethula imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo. Abadlali kanye nabalandeli bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo basebenzisa lolu limi ezinkundleni zemidlalo uma bephawula ngokwenzeka emidlalweni yebhola likanobhutshuzwayo. Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo lubaluleke kakhulu olimini lwesiZulu njengoba lunegalelo elikhulu ekuthuthukiseni nasekunothiseni ulimi lwesiZulu uma lungabhalwa phansi lubuye lufakwe ezincwandini zona ezisebenza njengenqolobane yolimi. Lolu cwaningo luveze ukuthi ulimi lwesiZulu lusethubeni lokukhula ludlondlobale lapha eNingizimu Afrika inqobo nje uma abanikazi balo belukhathalela.

Description

Master of Art in African Languages. University of KwaZulu-Natal, Durban 2016.

Keywords

Citation

DOI