Repository logo
 

Izindlela namasu okufundisa ukufunda okubhaliwe nokubhala kubafundi bebanga lesishiyagalombili esiZulwini ulimi lwasekhaya ezikoleni ezimbili ezisesiyingini sasePinetown.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2021

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

ISIFINGQO Inhloso yalolu cwaningo ukubheka izindlela namasu okusetshenziswa othisha ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala esiZulwini uLimi lwasekhaya (ulimi lokuqala) kubafundi bebanga lesishiyagalombili. Lolu cwaningo luhlose ukuba kuphenduleke le mibuzongqangi emithathu: (i) Yiziphi izindlela namasu asetshenziswa othisha ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala kubafundi bebanga lesishiyagalombili esiZulwini ulimi lwasekhaya ezikoleni ezimbili ezisesiYiningi sasePinetown? (ii) Othisha bebanga lesishiyagalombili bazisebenzisa kanjani izindlela namasu ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala ekufundiseni isiZulu ulimi lwasekhaya ezikoleni ezimbili ezisesiYingini sasePinetown? (iii) Kungani othisha bebanga lesishiyagalombili befundisa ukufunda okubhaliwe nokubhala esiZulwini ngendlela abakwenza ngayo? Ucwaningo lwenziwa ezikoleni ezimbili zamabanga aphezulu ezisesiYiningi sasePinetown. Kulezi zikole isiZulu sifundwa njengoLimi lokuQala (uLimi lwaseKhaya) kanti sifundwa abafundi abakhuluma isiZulu njengolimi lwasekhaya kanye nalabo abakhuluma ezinye izilimi zamaNguni njengesiXhosa neSiswati bese kuba khona nabakhuluma iSuthu. Kanti futhi lezi zikole zisendaweni enabantu abaxube zona lezi zilimi. Bahlanu othisha ababengabahlanganyeli kulolu cwaningo abafundisa isiZulu ulimi lwasekhaya ebangeni lesishiyagalombili. Lolu cwaningo luyikhwalithethivu ngaphansi kwepharadaymu i-constructivism. Luwucwaningo oluyi-case study. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa izingxoxo ezisakuhleleka. Kusetshenziswe injulalwazi i-socio-constructivist kaVygotsky (1978) kanye nohlaka lwemicabango ekuhlaziyeni ulwazi olutholakele. Zintathu izindimba ezigqamayo olwazini olutholakele. Indikimba yokuqala iphathelene nokungaqondi kothisha mayelana nezindlela namasu ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala kubafundi ababafundisa isifundo sesiZulu ebangeni lesishiyagalombili. Ngaphansi kwale ndikimba kunezindikimbana eziveza ukungaqeqesheki ngokwenele kothisha ekusebenziseni izindlela namasu ekufundiseni, isipiliyoni ekufundiseni isiZulu kanye nokushoda kwesisekelo esihle emakhonweni okufunda okubhaliwe nokubhala. Indikimba yesibili imayelana nokungazithuthukisi kothisha ekufundisweni kwala makhono womabili kubafundi abafunda isiZulu kuleli banga. Eyesithathu iveza ukuthi ukwentulela kolwazi lwezinjulalwazi kothisha kunomthelela ekutheni othisha abakuqondi ukusetshenziswa kwezindlela namasu okwahlukahlukene ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala. Ucwaningo lusonga ngokuphawula ukuthi ubuphansi bamazinga ekufundeni ukufunda okubhaliwe nokubhala kubafundi abafunda isiZulu esiyisifundo kwenziwa ukuthi, othisha abaqeqeshekile ngokwenele ekuqondeni izindlela namasu ekufundisweni kwala makhono. Ngaleyo ndlela kudingeka ukuba othisha bahlonyiswe ngolwazi olunzulu lwezinjulalwazi ukuze baziqonde izindlela ezahlukene zokuthuthukisa la makhono womabili kubafundi.

Description

Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI