Repository logo
 

Ukuqanjwa kwamagama abalingiswa emidlalweni yakuthelevishini ethi Isibaya, Imbewu/ the Seed kanye nothi the Wife.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2023

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Luningi ucwaningo oselenziwe emkhakheni we Onamastiki. Akekho futhi ongaphika ukuthi selukhona oselenziwe olubheka izinto ezahlukahlukene kulo mkhakha. Lapha sibala ukuqanjwa kwamagama abantu, amagama ezindawo, amagama amabhilidi, njl njl. Yize lukhona nocwaningo olubheka ukuqanjwa kwamagama abalingiswa embhalweni eyahlukahlukene yesiZulu kusukela emanovelini, emidlalweni, njl njl, kepha olunye ucwaningo lusivezela ukuthi kukhona la ekusashoda khona. Kuyinto enhle ukuthi uma ababhali bemidlalo noma abaqondisi bemidlalo beqamba abalingiswa babo bacabange okuningi. Bheka ngoba uma kuhlaziywa amagama abalingiswa sithola ukuthi baqanjwe ngezindlela ezingafani. Lapha sibala indlela ababukeka ngayo, ukuthanda kwabo izinto ezithile. Abanye baqanjwe ngesimo sokuzaleka, abanye amagama abo asuselwa emlandweni. Ababhali bemidlalo bake baveze ubuhlakani lapho beqamba khona umlingiswa ngekusasa lakhe. Lapha sisho ukuthi umlingiswa kuyenzeka aqale engenye into, ashintshe ngokuhamba kwesikhathi ahambisane negama lakhe. Konke lokhu sisuke sizihlayela thina njengababukeli. Uma umlingiswa ehambisana negama lakhe emidlalweni, yilapho esibona khona ukuthi umbhali wendaba ube nobuchule ekuqambeni igama lomlingiswa. Yilokhu-ke okuhloswe ukuhlaziywa wucwaningo. Indlela abalingiswa abaqanjwe ngayo, izinhlobo zamagama ezikhona kulemidlalo kanye nokubheka ukuthi kukhona na ukuhlobana phakathi kwegama nezenzo zomlingiswa. Ucwaningo luqhutshwe ngendlela yendlelakubuka eqondayo, kusetshenziswa indlela yekhwalithethivu. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa icontent analysis ewukuhlaziya okuqukethwe ngokubuka imidlalo ephathelene nocwaningo, kuqokwe okuqukethwe. Lwesekwe yinjulalwazi ye Hemeneyuthiki.

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation