Repository logo
 

Ukunyamanisa izinganekwane ekuthuthukiseni ukukwazi ukufunda nokubhala emabangeni kusukela kwelokwamukela kuya kwelesithathu:ucwaningo lokufunda ezikoleni ezikhethiwe ezisesiyingini sasephayindane, KwaZulu-Natali, eNingizimu-Afrika.

dc.contributor.advisorButhelezi, Makhosazana Thabisile.
dc.contributor.authorCele, Rejoice Gugu Lindiwe.
dc.date.accessioned2023-10-26T11:16:40Z
dc.date.available2023-10-26T11:16:40Z
dc.date.created2021
dc.date.issued2021
dc.descriptionDoctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.en_US
dc.description.abstractIQOQA Imfundo yaseNingizimu–Afrika ibalwa njengekhombisa ukuba namazinga aphansi ekungakwazini ukufunda nokubhala uma iqhathaniswa namanye amazwe asemhlabeni emabangeni ayisisekelo. Lolu cwaningo lwethula ulwazi engilutholile maqondana nokunyamanisa izinganekwane ekuthuthukiseni ukukwazi ukufunda okubhaliwe nokubhala emabangeni asukela kwelokwamukela kuya kwelesithathu. Lwenzelwe ezikoleni lapho kusetshenziswa khona ulimi lweBele ukufunda nokufundisa. Ulwazi engilutholile ngiluhlaziye ngokuthi ngisebenzise imicabangonzulu eyahlukene exhumene nalolu cwaningo nohlaka lwenjulalwazi yemfundosiguquli kaJack Mezirow. Ngakho kulolu cwaningo ngicacise ngomgudu wesifanekisomqondweni engisilandelile, isayensi yobukhona bolwazi, nenzululwazi yobukhona beqiniso. Ngisebenzise indlelakubuka yokuhlolisisa ngoba injongo yalolu cwaningo ukuletha ushintsho. Ngibe sengisebenzisa isifanekisomqondweni socwaningo lokuchazwa kwezizwe zomhlaba esincike ocwaningweni lobunjalo botho. Ngisebenze nothisha abangama-30 abafundisa ezikoleni ezisesiYingini sasePhayindane KwaZulu-Natali eNingizimu-Afrika befundisa amabanga kusukela kwelokwamukela kuya kwelesithathu. Lolu cwaningo luveze ukuthi othisha basantula indlelande kanye nolwazi lokufundisa amakilasi axube ngokwezilimi. Kuphinde kwavela ukuthi nakuba othisha benengcindezi yokuthi kumele basebenzise indlelande yokunyamanisa kodwa abanalo ulwazi mayelana nale ndlelande futhi abakutholi ukwesekwa okwanele nguMnyango WezeMfundo Emazingeni Aphansi yingakho bengenako ukuzethemba ngokuyisebenzisa. Izimpahlasiseko ezisetshenziswayo azinalo ulimi olwakha umqondo, ulimi olukhona lunobubha, izithombe zingongqimu abangahlobene nokubhaliwe futhi azihehi. Kuvelile nokuthi ukusetshenziswa kwezinganekwane kuqinisa imfundo yokukwazi ukufunda nokubhala kulawa mabanga. Engikuphakamisile ngukuthi kumele othisha besekwe ngokuthi bathuthukiswe ekufundiseni ngokusetshenziswa kwendlelayokunyamanisa kodwa ithwaxane nezinganekwane ukuze babe nokuzethemba uma beyisebenzisa. Indlelande yokusebenzisa izinganekwane ukufundisa ukukwazi ukufunda nokubhala kumele ithuthukiswe ngabacwaningi. Amatemu Anqala: Izinganekwane, indlelande, ukunyamanisa, ukukwazi ukufunda nokubhala.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/22430
dc.language.isoenen_US
dc.subject.otherIzinganekwane.en_US
dc.subject.otherIndlelande.en_US
dc.subject.otherUkunyamanisa.en_US
dc.titleUkunyamanisa izinganekwane ekuthuthukiseni ukukwazi ukufunda nokubhala emabangeni kusukela kwelokwamukela kuya kwelesithathu:ucwaningo lokufunda ezikoleni ezikhethiwe ezisesiyingini sasephayindane, KwaZulu-Natali, eNingizimu-Afrika.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Cele_Rejoice_Gugu_Lindiwe_2021.pdf
Size:
15.74 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: