Masters Degrees (Languages & Literature)
Permanent URI for this collectionhttps://hdl.handle.net/10413/7282
Browse
Browsing Masters Degrees (Languages & Literature) by Author "Dlamini, Phindile Dorothy."
Now showing 1 - 2 of 2
- Results Per Page
- Sort Options
Item Indlelakubuka yabafundi nabazali ngokufundwa nokufundiswa kohlelo lolimi lokuqala lokwengeza lwesiZulu esikoleni esixube izinhlanga e-Vryheid.(2021) Mhlungu, Siphosenkosi Zeblon.; Dlamini, Phindile Dorothy.; Ngcobo, Tholakele Ruth.IsiZulu singezinye zezilimi ezihamba phambili esifundazweni saKwaZulu- Natali. UHulumeni wahlaba ikhwelo lokuthi zonke izikole ezaziwa ngama x- Model C zifunde izilimi zaboHlanga. Lokhu kwakuncike ekutheni yiluphi ulimi olukhulunywa kahle kakhulu esifundazweni ngasinye. NjengaKwaZulu Natali nje kukhulunywa isiZulu naseEastern Cape kukhulunywa isiXhosa. Lolu cwaningo luqhutshwe esifundeni saseZululand esikoleni esixube izinhlanga esiseVryheid. Abantwana abangamaZulu bangena ezikoleni esezaziwa njengama x- Model C ngenhloso yokuthola imfundo engcono. Ulimi lokufunda nokufundisa kulezi zikole isiNgisi. IsiNgisi siba yisibelele kusukela enkulisa kuze kube semazingeni athe thuthu. Iningi lalaba bafundi liqhamuka edolobheni eVryheid nasemalokishini akhele leli dolobha. Iningi lalaba bafundi laqala imfundo yalo yamabanga aphansi ezikoleni zabamhlophe ezikhuluma ulimi lwesiNgisi nesiBhunu. Abanye babantwana abangamaZulu kulesi sikole bakhule bejwayele ukukhuluma ulimi lwesiNgisi nesiBhunu. Ucwaningo beluhlose ukubheka indlelakubuka yabafundi nabazali ngokufundwa nokufundiswa kohlelo lolimi Lokuqala Lokwengeza lwesiZulu esikoleni esixube izinhlanga esiseVryheid. Lolu cwaningo lusebenzise indlela exubile yekhwalithethivu kanye nekhwantithethivu, ngoba izimpendulo ziphinde zahunyushwa ngezinombolo ukuqoqa ulwazi. Lolu cwaningo lusebenzise ipharadayimu yekhrithikhali. Lolu cwaningo lusebenzise insizakuhlaziya yeHegemony kaGramsci, 1971. Ulwazi locwaningo luqoqwe lwahlaziywa ngokwezindikimba ezivezwe ngezihlokwana. Ukuqoqwa kwalo kuhlanganisa imibuzo esakuhleleka, izingxoxo ezisakuhleleka, ukuqoqa ulwazi ngokubukela kanye nokuhluzwa kwamadokhumenti. Bonke ababambiqhaza bavela esikoleni esixube izinhlanga esisesifundeni saseZululand eVryheid. Ucwaningo luveza ukuthi abafundi besiZulu ulimi Lokuqala Lokwengeza babhekene nezinselelo eziningi ezahlukene. Ukwentuleka kwesisekelo solwazi lwesiZulu njengesifundo, ukwakhelwa umkhanya kwesiZulu kanye nokungakhulunywa kwesiZulu esicwengekile emakhaya nasesikoleni.Ucwaningo luveze izimpendulo ezingezinhle ngendlela abafundi abasibuka ngayo isiZulu. Ucwaningo luveze ukuthi abazali bancamela isiNgisi kunesiZulu. Ucwaningo luveze izindlela ezahlukene zokuqhakambisa isiNgisi ngaphezu kwesiZulu. Nakuba kunjalo ucwaningo lunikeze umhlahlandlela nezincomo ezizokwazi ukuhlangabezana nezingqinamba ezivezwe ababambiqhaza. Amagama amqoka: IsiZulu ulimi Lokuqala Lokwengeza, Abazali, Abafundi, Indlelakubuka.Item Ukuhlaziywa kwamagama abalingiswa emibhalweni Ka-M.J. Mngadi.(2021) Dlamini, Bongeka Fortunate.; Dlamini, Phindile Dorothy.Amagama abalingiswa akhulisa umqondo wombhalo ngoba kuyabhekeka ukuthi ngabe abalingiswa bayawalandela yini amagama abawanikiwe noma cha. Ekuqanjweni kwamagama kuqapheleka nekhono lombhali ngeso elibanzi nelibukhali. Lolu cwaningo luhlose ukuhlaziya kabanzi amagama abalingiswa emibhalweni kaMngadi. Amagama abalingiswa ayingxenye ebalulekile emibhalweni yobuciko ngoba yiwona alekelelayo ukuthi lowo ofundayo akwazi ukuhlukanisa abalingiswa. Liyancomeka ikhono likaMngadi lokuqamba abalingiswa amagama ahambelana nezenzo zabo. Emibhalweni kaMngadi, baningi abalingiswa abanamagama amabili noma ngaphezulu. Lokho kwenza ukuthi kuvele izinhlobo ezingafani zamagama, ngokwesibonelo, umlingiswa angaba negama lesiNgisi kanye nelesiZulu. Imvamisa elesiNgisi umlingiswa ubizwa ngalo esikoleni noma emsebenzini, kanjalo namagama ezidlaliso. Kwesinye isikhathi uMngadi uqamba ngisho amagama ahambelana nesihloko sendaba, okuveza ubuchule bombhali. Njengoba imvamisa yamagama aqanjwa uMngadi eveza ukuhambisana nendlela umlingiswa asuke eziphethe ngayo noma alindeleke ukuba aziphathe ngayo, ziyavela izincazelo eziveza isimomnqondo umzali ayesuke ekuso ngenkathi eqamba ingane yakhe endabeni. Lokhu kuvezwa ngendlela yokujeqeza emuva kanye nokufunza umlingiswa amagama athize. Imibhalo kaMngadi inawo futhi amagama abikezela okuthize okuzokwenzeka endabeni. Kuyenzeka igama libikezele okuhle noma okubi. Lolu cwaningo luqhutshwe ngendlelakubuka i-inthaphrethivu, kusetshenziswa indlela yekhwalithethivu. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa imibhalo kaMngadi ukubheka amagama abalingiswa ukuze ahlaziywe. Kuzobhekwa amanoveli kanye nezindaba ezimfushane ukuze kubhekwe amagama abalingiswa. Kusetshenizswe izinjulalwazi ezimbili, okuyinjulalwazi yeLitherari Onomastiki kanye neyeNcazelomagama.