Browsing by Author "Mlondo, Zanele Witnes."
Now showing 1 - 2 of 2
Results Per Page
Sort Options
Item Izindlela namasu okufundisa ukufunda okubhaliwe nokubhala kubafundi bebanga lesishiyagalombili esiZulwini ulimi lwasekhaya ezikoleni ezimbili ezisesiyingini sasePinetown.(2021) Mlondo, Zanele Witnes.; Nkosi, Zinhle Primrose.ISIFINGQO Inhloso yalolu cwaningo ukubheka izindlela namasu okusetshenziswa othisha ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala esiZulwini uLimi lwasekhaya (ulimi lokuqala) kubafundi bebanga lesishiyagalombili. Lolu cwaningo luhlose ukuba kuphenduleke le mibuzongqangi emithathu: (i) Yiziphi izindlela namasu asetshenziswa othisha ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala kubafundi bebanga lesishiyagalombili esiZulwini ulimi lwasekhaya ezikoleni ezimbili ezisesiYiningi sasePinetown? (ii) Othisha bebanga lesishiyagalombili bazisebenzisa kanjani izindlela namasu ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala ekufundiseni isiZulu ulimi lwasekhaya ezikoleni ezimbili ezisesiYingini sasePinetown? (iii) Kungani othisha bebanga lesishiyagalombili befundisa ukufunda okubhaliwe nokubhala esiZulwini ngendlela abakwenza ngayo? Ucwaningo lwenziwa ezikoleni ezimbili zamabanga aphezulu ezisesiYiningi sasePinetown. Kulezi zikole isiZulu sifundwa njengoLimi lokuQala (uLimi lwaseKhaya) kanti sifundwa abafundi abakhuluma isiZulu njengolimi lwasekhaya kanye nalabo abakhuluma ezinye izilimi zamaNguni njengesiXhosa neSiswati bese kuba khona nabakhuluma iSuthu. Kanti futhi lezi zikole zisendaweni enabantu abaxube zona lezi zilimi. Bahlanu othisha ababengabahlanganyeli kulolu cwaningo abafundisa isiZulu ulimi lwasekhaya ebangeni lesishiyagalombili. Lolu cwaningo luyikhwalithethivu ngaphansi kwepharadaymu i-constructivism. Luwucwaningo oluyi-case study. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa izingxoxo ezisakuhleleka. Kusetshenziswe injulalwazi i-socio-constructivist kaVygotsky (1978) kanye nohlaka lwemicabango ekuhlaziyeni ulwazi olutholakele. Zintathu izindimba ezigqamayo olwazini olutholakele. Indikimba yokuqala iphathelene nokungaqondi kothisha mayelana nezindlela namasu ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala kubafundi ababafundisa isifundo sesiZulu ebangeni lesishiyagalombili. Ngaphansi kwale ndikimba kunezindikimbana eziveza ukungaqeqesheki ngokwenele kothisha ekusebenziseni izindlela namasu ekufundiseni, isipiliyoni ekufundiseni isiZulu kanye nokushoda kwesisekelo esihle emakhonweni okufunda okubhaliwe nokubhala. Indikimba yesibili imayelana nokungazithuthukisi kothisha ekufundisweni kwala makhono womabili kubafundi abafunda isiZulu kuleli banga. Eyesithathu iveza ukuthi ukwentulela kolwazi lwezinjulalwazi kothisha kunomthelela ekutheni othisha abakuqondi ukusetshenziswa kwezindlela namasu okwahlukahlukene ekufundiseni ukufunda okubhaliwe nokubhala. Ucwaningo lusonga ngokuphawula ukuthi ubuphansi bamazinga ekufundeni ukufunda okubhaliwe nokubhala kubafundi abafunda isiZulu esiyisifundo kwenziwa ukuthi, othisha abaqeqeshekile ngokwenele ekuqondeni izindlela namasu ekufundisweni kwala makhono. Ngaleyo ndlela kudingeka ukuba othisha bahlonyiswe ngolwazi olunzulu lwezinjulalwazi ukuze baziqonde izindlela ezahlukene zokuthuthukisa la makhono womabili kubafundi.Item Ucwaningo lokuhlola ukufundiswa kokufunda okubhaliwe ebangeni leshumi esiZulwini ulimi lokuqala lokwengeza esikoleni esisesifundeni sase Pinetown.Mlondo, Zanele Witnes.; Nkosi, Zinhle Primrose.Inhloso yalolu cwaningo ukubheka ukufundiswa kokufunda okubhaliwe esiZulwini uLimi lokuQala lokweNgeza ebangeni leshumi. Lolu cwaningo luhlose ukuba kuphenduleke le mibuzongqangi emithathu elandelayo: (i) Othisha bakuqonda kanjani ukufundiswa kokufunda okubhaliwe ebangeni leshumi esiZulwini uLimi lokuQala lokweNgeza? (ii) Othisha bakufundisa kanjani ukufunda okubhaliwe ebangeni leshumi esiZulwini uLimi lokuQala lokweNgeza? (iii) Yini eyenza othisha bafundise ukufunda okubhaliwe ebangeni leshumi isiZulu uLimi lokuQala lokweNgeza ngendlela abakwenza ngayo? Ucwaningo lwenziwa esikoleni samabanga aphezulu esisendaweni yasePinetown. Kulesi sikole isiZulu sifundwa njengoLimi lokuQala lokweNgeza kanti sifundwa ngabafundi abakhuluma isiZulu njengoLimi lwaseKhaya kanye nalabo abakhuluma isiNgisi njengoLimi lwaseKhaya. Isikole sisendaweni enomphakathi oxube izinhlanga, amaNdiya namaZulu kanti nesikole sixubile, othisha nabafundi bangamaNdiya namaZulu. Bathathu othisha ababeyingxenye yocwaningo futhi bafundisa isiZulu uLimi lokuQala lokweNgeza. Lolu cwaningo luwucwaningo oluyikhwalithethivu (qualitative study), ngaphansi kwepharadaymu i- constructivism. Lolu wucwaningo oluyi- case study. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa izingxoxo ezisakuhleleka (semi-structured interviews) nokubukela othisha befundisa (observations). Kusetshenziswe injulalwazi i- social constructivist kaVygotsky (1978) kanye nemodeli yelandscape Kendeou, Rapp no- van den Broek (2005) ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Zine izindikimba ezigqama olwazini olutholakele. Indikimba yokuqala iphathelene nokungaqondi ukuthi kuyini ukufunda okubhaliwe. Lapha kuvela ukuthi othisha babheka ukufunda kuwukuphimisa kahle amagama, ukuchazwa kwamagama asembhalweni, ukuhlonipha izimpawu zokuloba, ukufunda kuzwakale kanye nokufundwa kwemibhalo yobuciko. Eyesibili imayelana nokungabi nanhloso ngokufundisa ukufunda okubhaliwe okuvezwa ngothisha ezingxoxweni zabo. Indikimba yesithathu iveza ukufundisa ukufunda okubhaliwe nokuhlola njengento eyodwa. Lapha kugqama ukuthi okubalulekile kothisha ukufundisela ukuhlola kunokufundisela ukuba abafundi bathuthuke ekufundeni imibhalo ngokuyiqondisisa. Eyokugcina iveza ukuba nothando lweholo kothisha esikhundleni sokuba nothando lomsebenzi. Okunye okucacayo ukuthi abakushoyo ezingxoxweni akufani nalokho abakwenzayo lapho befundisa. Izingxoxo zibaveza bengakukhathalele ngokuphelele ukufundisa futhi bengenanhloso yokufundisa ukufunda okubhaliwe, kodwa lapho sebefundisa kuyavela ukuthi kukhona abakwenzayo ukuzama ukulekelela abafundi ukuba bafunde imibhalo ngokuyiqonda. Ucwanigo lusonga ngokuphawula ngokuthi ukuba phansi kwamazinga okufunda okubhaliwe kubafundi kwenziwa ukuthi othisha ababalekeleli ngendlela efanele ukuze bathuthuke. Ngaleyo ndlela, kudingeka ukuba othisha bahlonyiswe ngokufundisa ukufunda okubhaliwe futhi bakuqonde ukubaluleka komsebenzi wabo.