Masters Degrees (African Languages)
Permanent URI for this collectionhttps://hdl.handle.net/10413/8279
Browse
Browsing Masters Degrees (African Languages) by Subject "Abalingiswa."
Now showing 1 - 2 of 2
- Results Per Page
- Sort Options
Item Ubuciko bokwethiwa kwamagama abalingiswa emanovelini abhalwa ngemuva konyaka wezi-2000: kubhekwa ukwethiwa kwabalingiswa ukuthi kuyafana nokwetha jikelele.(2019) Hlengwa, Mzamo Effort.; Ngubane, Sihawukele Emmanuel.NgokwaseNingizimu Afrika igama liqukethe izinto ezithile ezihambisana nokwethiwa kwalo. Igama liqukethe ubuntu kanye nobunjalo bakhe lowo owethiwe lelo gama kepha ezinye izinhlanga zilibuka njengelebuli esetshenziswa ukwetha ukuze izinto zikwazi ukuhlukaniseka. Isifundo sokwethiwa kwamagama abantu sibizwa nge-anthrophonemi okuyigatsha le-onomastiki. I-anthrophonemi ibhekene nokufundwa kwamagama abantu. Lolu cwaningo luhlose ukuveza amagama ethiwe abalingiswa abawumfuziselo wabantu abaphilayo ngenhloso yokubheka ukuthi kuyefana yini ukwethiwa kwabalingiswa nokwethiwa kwabantu emhlabeni jikelele okanye okwabantu abaphilayo. Umbuzo oqanda ikhanda wothi ngabe ababhali bamanoveli bayakuqikelela yini ukwetha jikelele uma betha abalingiswa nokuthi bayaziqikelela yini izinguqukokwetha emagameni ethiwa abalingiswa. Lokhu kwenziwa ngokuqhathanisa incazelo enanyatheliswe egameni nempilo yomlingiswa nokuthi kuyahambisana yini nencazelo yegama lomuntu ophila emhlabeni kanye nezinguqukokwetha. Injulalwazi ye-onomastiki yenhlalo neyemibhalo isetshenzisiwe ukuseka izinhloso zalolu cwaningo. Amagama atonyulwe emanovelini amathathu: Amasokisi, Ngizigwaze Ngowami nethi Ngiyabonga.Item Ukuqanjwa kwamagama abalingiswa emidlalweni yakuthelevishini ethi Isibaya, Imbewu/ the Seed kanye nothi the Wife.(2023) Mthethwa, Nomaswazi Noxolo Immaculate.; Hlongwa, Nobuhle Purity.Luningi ucwaningo oselenziwe emkhakheni we Onamastiki. Akekho futhi ongaphika ukuthi selukhona oselenziwe olubheka izinto ezahlukahlukene kulo mkhakha. Lapha sibala ukuqanjwa kwamagama abantu, amagama ezindawo, amagama amabhilidi, njl njl. Yize lukhona nocwaningo olubheka ukuqanjwa kwamagama abalingiswa embhalweni eyahlukahlukene yesiZulu kusukela emanovelini, emidlalweni, njl njl, kepha olunye ucwaningo lusivezela ukuthi kukhona la ekusashoda khona. Kuyinto enhle ukuthi uma ababhali bemidlalo noma abaqondisi bemidlalo beqamba abalingiswa babo bacabange okuningi. Bheka ngoba uma kuhlaziywa amagama abalingiswa sithola ukuthi baqanjwe ngezindlela ezingafani. Lapha sibala indlela ababukeka ngayo, ukuthanda kwabo izinto ezithile. Abanye baqanjwe ngesimo sokuzaleka, abanye amagama abo asuselwa emlandweni. Ababhali bemidlalo bake baveze ubuhlakani lapho beqamba khona umlingiswa ngekusasa lakhe. Lapha sisho ukuthi umlingiswa kuyenzeka aqale engenye into, ashintshe ngokuhamba kwesikhathi ahambisane negama lakhe. Konke lokhu sisuke sizihlayela thina njengababukeli. Uma umlingiswa ehambisana negama lakhe emidlalweni, yilapho esibona khona ukuthi umbhali wendaba ube nobuchule ekuqambeni igama lomlingiswa. Yilokhu-ke okuhloswe ukuhlaziywa wucwaningo. Indlela abalingiswa abaqanjwe ngayo, izinhlobo zamagama ezikhona kulemidlalo kanye nokubheka ukuthi kukhona na ukuhlobana phakathi kwegama nezenzo zomlingiswa. Ucwaningo luqhutshwe ngendlela yendlelakubuka eqondayo, kusetshenziswa indlela yekhwalithethivu. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa icontent analysis ewukuhlaziya okuqukethwe ngokubuka imidlalo ephathelene nocwaningo, kuqokwe okuqukethwe. Lwesekwe yinjulalwazi ye Hemeneyuthiki.