Ucwaningo lokuhlola okuzuzwa abafundi uma befundiswa izimo zokukhuluma (izaga, izisho nezifengqo) ngesiZulu ulimi lwasekhaya esikoleni esiseNtuzuma.
Abstract
Abafundi bazuzani ngokufundiswa izimo zokukhuluma (izaga, izisho nezifengqo) ngesiZulu
uLimi lwaseKhaya. . Nakuba iminingi imizamo esizanyiwe ukulwa nale nkinga, kuze kube
manje bekungakabi bikho mibiko ebika ubungcono. Inhloso yalolu cwaningo ukubheka ukuthi
ngabe abafundi bazuzani ngokufundiswa izimo zokukhuluma (izaga, izisho nezifengqo)
ngesiZulu uLimi lwaseKhaya. ebangeni leshumi (Grade10). Ucwaningo luhlose ukuphendula
imibuzongqangi emithathu elandelayo:
Othisha bayaziqonda yini izimo zokukhuluma (izaga, izisho nezifengqo)?Ukufundiswa
kwezimo zokukhuluma kunamphumela muni ekwazini nasekuthuthukiseni ulwazi lolimi?Ngabe
abafundi bazifundiswa kanjani izimo zokukhuluma (izaga, izisho nezifengqo)?Ucwaningo
lwenziwe elokishini lakwaMashu eNtuzuma, lapho isiZulu siwulimi olukhulunywa
emphakathini, kanti nasezikoleni zamabanga aphakathi nendawo kusetshenziswa sona
njengolimi lokufundisa. Lolu cwaningo lwenziwe esikoleni esisodwa esigcemeni esisodwa.
Bathathu othisha ababe yingxenye yocwaningo. Ngilwenze lwaba ucwaningo lobunjalo besimo
(qualitative study) ngaphinde ngalwenza lwaba ngaphansi kwe-social constructivist paradigm.
Ngabuye ngasebenzisa izingxoxo ezisakuhleleka (semi-structured interviews) kanye nokubukela
othisha befundisa (observations) emakilasini, ngasebenzisa nendlela yokuhlaziya imibhalo
njengenye yezindlela zokuqoqa ulwazi locwaningo. Ngiphinde ngasebenzise izindlela
zocwaningo lotho (case study) ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Ngasebenzise insizakuhlaziya
kaVygotsky (1978) njengohlaka lwenjulalwazi kanye nohlaka lwemicabango ukuhlaziya ulwazi
olutholakele.Okutholakele kungqama okuyzihlokwana eziyisithupha.
Esokuqala ngithole ukuthi abafundi izimo zokukhuluma (izaga, izisho, nezifengqo) lapho
bezifundiswa nguthisha. Okwesibili ukufundiswa kwezimo zokukhuluma (izaga, izisho
nezifengqo) kubukeka bezifundiswa ngendlela engenakho ukwenelisa, kumuntu oluqondayo
nolwaziyo ulimi lwesiZulu uLimi lwaseKhaya. Okwesithathu ukufundiswa kwabafundi izimo
zokukhuluma kubukeka kunomphumela omuhle kakhulu ekwazini nasekuthuthukiseni ulimi
lwesiZulu uLimi lwaseKhaya. Okwesine okutholake ukuthi nolwazimagama lomfundi luyakhula
ngokufundiswa (izaga, izisho nezifengqokubu). Okwesihlanu abafundi abafunda ibanga leshumi (Grade10) bafundiswa izimo zokukhuluma (izaga, izisho nezifengqo) ngendlela yokuthi bazi
ukuthi kukhona into okuthiwa yizimo zokukhuluma, kodwa okuthinta imvelaphi yazo nokuthi
zenzani kumfundi uma esezifundile lutho. Okwesithathu ukuthi abafundi bayazazi izimo
zokukhuluma kodwa kukhona ukungasheleli kwakhe izimo zokukhuluma (izaga, izisho,
nezifengqo) ngendlela eyiyo eveza imvelaphi yezimo zokukhuluma, esezifundile lutho.
Okwesithupha ukuthi ngesikhathi kufundwa izimo zokukhuluma ngendlela eveza imvelaphi
yezimo zokukhuluma, nolwazi lolimi lwesiZulu kumfundi luyathuthuka akhulume ulimi
olumnandi olucebe ngezimo zokukhuluma. Ngokuceba kolimi lomfundi ekuthole kuzo izimo
zokukhuluma, kubonakalisa ukuzuza komfundi ngokufundiswa izimo zokukhuluma (izaga,
izisho nezifengqo) ngesiZulu uLimi lwaseKhaya.
Umphumela ukhombisa ukuthi abafundi bayazifunda izimo zokukhuluma (izaga, izisho
nezifengqo) nakuba bengazifundi ngendlela eveza imvelaphi yazo. Okunye uma sebezifundile
ngendlela eyiyo eveza imvelaphi yazo abafundi bazuza ubuhlani, lokhu okuzobasiza endleleni
yempilo yabo. Ngakho-ke ucwaningo lusonga ngokuthi ukungafundiswa ngendlela kwabafundi
izimo zokukhuluma kuholela abafundi bangazi ukuthi bazuzani ngokufundiswa izimo
zokukhuluma (izaga, izisho,nezifengqo) ngesiZulu uLimi lwaseKhaya. Lokhu okungekuhle
ngoba baphuthwa ukuhlakani.