Repository logo
 

Ucwaningo ngesimomqondo sabafundi nabafundisi njengesifundo nanjengolimi lokuxhumana enyuvesi esesifundazweni sakwaZulu-Natali.

Loading...
Thumbnail Image

Date

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Lolu cwaningo luhlola isimomqondo sabafundi nabafundisi mayelana nesiZulu eyisifundo nesiwulimi lokuxhumana eNyuvesi esesifundazweni saKwaZulu-Natali. Lugxile ekucwaningeni ngesimomqondo (attitudes) sabafundi kanye nabafundisi ukuze kuvele ukuthi basibuka kanjani kuphinde kucace nokuthi yiziphi izizathu zalokhu kwenza kwabo. Lolu cwaningo luphendula imibuzongqangi emithathu okuyilena elandelayo: 1. Abafundi nabafundisi banasimomqondo sini ngesiZulu njengesifundo eNyuvesi esesifundazweni saKwaZulu-Natali? 2. Abafundi nabafundisi banasimoqondo sini ngesiZulu njengolimi lokuxhumana? 3. Zizathu zini ezenza abafundi nabafundisi babe nesimomqondo abanaso ngesiZulu njengesifundo nanjengolimi lokuxhumana eNyuvesi esesifundazweni saKwaZulu- Natali? Kusetshenziswe izindlela zekhwalithethivu ukuqoqa nokuhlaziya ulwazi olutholakele. Ucwaningo lungaphansi kwepharadayimu yomhumusho njengoba lucwaninga ngemininingwane etholakale kubahlanganyeli bocwaningo. Lolu cwaningo lusebenzisa izindlela ze-case study. Izingxoxo ezisakuhleleka yizona ezisetshenziswe ukuthola ulwazi locwaningo kubafundi nabafundisi ababeyingxenye yocwaningo. Kusetshenziswe injulalwazi kaGramsci (1971) yeLinguistic Hegemony njengohlaka lokuhlaziya ulwazi olutholakele. Abafundisi ababeyingxenye yocwaningo bane, bese kuba nabafundi abayishumi abafunda isiZulu eziqwini ze-Public Management Sciences kuphela. Phakathi kwalokho okutholakele kuyavela ukuthi iningi labafundi nabafundisi bayabona ukuthi isiqalile ukukhucululeka insila yobukoloni, sebeqalile futhi ukusibuka ngeso lokusithanda isiZulu futhi sebebone nokubaluleka kwaso kangangokuba banesifiso sokuthi zonke iziqu zibe naso isifundo sesiZulu. Yize kusekhona imbijana esabuka isiNgisi njengolimi olubalulekile kodwa iningi labafundi nabafundisi sebeyakubona ukubaluleka kolimi lwabo lwesiZulu. Ucwaningo luncoma ukuthi kumele zande iziqu emanyuvesi ezizokwenziwa ngolimi lwesiZulu nezinye izilimi zomdabu zase-Afrika. Lokho kuyokwandisa nezincwadi ezibhalwe ngolimi lwesiZulu. Luphinde lwancoma lolu cwaningo ukuthi uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme alekelele ngamasu okukhulisa izilimi zoMdabu zase-Afrika kuwo wonke amanyuvesi. Ucwaningo lusonge ngokuba luncome ukuthi eningini labahlanganyeli bocwaningo isikhucululekile le nsila yokubuka isiZulu njengolimi olungenamsebenzi futhi abahlanganyeli babala namathuba amahle angavezwa yilesi sifundo sesiZulu, nanxa kusenembijana esasele ekungabonini ngale ndlela.

Description

Masters. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI