Repository logo
 

Ubuciko bokwethiwa kwamagama abalingiswa emanovelini abhalwa ngemuva konyaka wezi-2000: kubhekwa ukwethiwa kwabalingiswa ukuthi kuyafana nokwetha jikelele.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2019

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

NgokwaseNingizimu Afrika igama liqukethe izinto ezithile ezihambisana nokwethiwa kwalo. Igama liqukethe ubuntu kanye nobunjalo bakhe lowo owethiwe lelo gama kepha ezinye izinhlanga zilibuka njengelebuli esetshenziswa ukwetha ukuze izinto zikwazi ukuhlukaniseka. Isifundo sokwethiwa kwamagama abantu sibizwa nge-anthrophonemi okuyigatsha le-onomastiki. I-anthrophonemi ibhekene nokufundwa kwamagama abantu. Lolu cwaningo luhlose ukuveza amagama ethiwe abalingiswa abawumfuziselo wabantu abaphilayo ngenhloso yokubheka ukuthi kuyefana yini ukwethiwa kwabalingiswa nokwethiwa kwabantu emhlabeni jikelele okanye okwabantu abaphilayo. Umbuzo oqanda ikhanda wothi ngabe ababhali bamanoveli bayakuqikelela yini ukwetha jikelele uma betha abalingiswa nokuthi bayaziqikelela yini izinguqukokwetha emagameni ethiwa abalingiswa. Lokhu kwenziwa ngokuqhathanisa incazelo enanyatheliswe egameni nempilo yomlingiswa nokuthi kuyahambisana yini nencazelo yegama lomuntu ophila emhlabeni kanye nezinguqukokwetha. Injulalwazi ye-onomastiki yenhlalo neyemibhalo isetshenzisiwe ukuseka izinhloso zalolu cwaningo. Amagama atonyulwe emanovelini amathathu: Amasokisi, Ngizigwaze Ngowami nethi Ngiyabonga.

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI