Repository logo
 

Indima edlalwa ezobuchwepheshe ukuqhakambisa iqhaza lobuciko bomlomo ezimpilweni zabantu.

dc.contributor.advisorNene, Buyani Gift.
dc.contributor.authorMbali, Lucy.
dc.date.accessioned2025-12-08T12:28:04Z
dc.date.available2025-12-08T12:28:04Z
dc.date.created2024
dc.date.issued2024
dc.descriptionMasters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.
dc.description.abstractIzinhlobo ezehlukene zobuciko bomlomo zinesasasa elikhulu kakhulu ezweni laseNingizimu-Afrika, khona kunjalo kuyiqiniso elingephikwe ukuthi akuzona zonke izinhlobo zobuciko bomlomo ezinale nhlanhla yokuthakaselwa yisizwe ngoba ezinye nje zagcina ukunakwa ngesikhathi sasendulo lapho umhlaba usamuhle. Izinkondlo nomculo-ke zingezinye zalezi zinhlobo ezithakaselwa kakhulu ngabantu okwenza ukuthi zingagcini nje ngokuba yinto yasezindaweni ezisemakhaya kodwa zitholakale ngisho nasemadolobheni ngenxa yokusatshalaliswa ezobuchwepheshe esezingenisile emiphakathini esiphila kuyo. Lolu cwaningo luphenya kabanzi ngendima edlalwa ezobuchwepheshe ukuqhakambisa iqhaza lobuciko bomlomo ezimpilweni yabantu. Kulolu ucwaningo kugxilwe ekuthungathweni kolwazi mayelana nomlando kanye nemisebenzi yobuciko bomlomo emphakathini, umthelelela wobuchwepheshe ebucikweni bomlomo nasolimini olusetshenziswa ebucikweni bomlomo nolimi jikelele. Ucwaningo lusebenzise indlela yekhwalithethivu ukuqhuba izingxoxo, ukulalela amarekhodi aqoshiwe ehlukene, kanye nokuthungatha imibono nolwazi ngalokho okuphathelene nesihloko esicwaningwayo. Kusetshenziswe injulalwazi ye-Cycle of Socialization nenjulalwazi i-Hermenuetics ukuhlaziya ulwazi ngemibono eyethulwa ngomomthelela wezobuchwepheshe ebucikwenini bomlomo obucwaningwayo. Lezi yizinjulalwazi umcwaningi abone zizomelekelela kangcono ekuhlaziyeni imibhalo. Imiphumela yalolu cwaningo ihlonze ukuthi ubuchwephesha bunemithelela emihle nengemihle ebucikweni bomlomo, lapho kuvele khona ukuthi buyasiza ukusabalalisa izindlela ezithile zobuciko bomlomo ukuze zifinyelele kalula kuye wonke umuntu. Kolunye uhlangothi bunonomthelela omubi ngokuthi bukhiphele ngaphandle eminye imisebenzi yobuciko bomlomo okungabalwa kuyo ukugcinwa kwagugu namasiko akwaZulu nokugcinwa kolimi
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10413/24203
dc.language.isoen
dc.rightsCC0 1.0 Universalen
dc.rights.urihttp://creativecommons.org/publicdomain/zero/1.0/
dc.subject.otherUbuciko bomlomo.
dc.subject.otherCycle of socialization.
dc.subject.otherHermeneutics
dc.subject.otherUbuchwephesha.
dc.subject.otherUmthelela omubi.
dc.titleIndima edlalwa ezobuchwepheshe ukuqhakambisa iqhaza lobuciko bomlomo ezimpilweni zabantu.
dc.typeThesis
local.sdgSDG4

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Mbali_Lucy_2025.pdf
Size:
1.5 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: