Repository logo
 

Izindlela namasu okufundisa ukulalela nokukhuluma kubafundi bamabanga 10-11 abenza isiZulu ulimi lokuqala lokwengeza ezikoleni zasesifundeni saseMlazi ezixube izinhlanga.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2023

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

IQOQA Lolu wucwaningo lwesimo oluyikhwalithethivu oluqhutshwe ngenhloso yokukhiqiza imininingo mayelana nezindlela namasu okufundisa ukulalela nokukhuluma kubafundi bamabanga 10-11 abenza isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza ezikoleni zasesiFundeni saseMlazi ezixube izinhlanga. Lolu cwaningo lusebenzise izindlela zokukhiqiza imininingo bukhoma noma ubuso nobuso kubahlanganyeli abayisihlanu, kusetshenziswa izingxoxo ezisakuhleleka, ukwethamela kanye nokuhlaziya amadokhumenti. Lolu cwaningo belulawulwa yinjulalwazi kaVygotsky (1978) i-Social constructivism. Le njulalwazi iphakamisa ukuthi ukufunda kwenzeka uma abantu besebenza ngokubambisana futhi ikhuthaza abafundi ukuba babambe iqhaza ekwakheni ulwazi olusha. Le njulalwazi igcizelela ukusebenzisana okunxantathu lapho abafundi bakwazi khona ukufunda ulimi kothisha babo, kontanga kanye nakumalungu omphakathi ukuze kuthuthuke izinga lokukhuluma ulimi. Nokho, imiphumela yalolu cwaningo iveza ukuthi nakuba othisha abafundisa isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza emabangeni10-11 bezisebenzisa izindlela namasu ahlukene ukufundisa ikhono lokulalela nokukhuluma kodwa abafundi bazithola besabhekene nenkinga yokukwazi ukukhuluma lolu limi ngenxa yokuthi ukusebenzisana okunxantathu lapho abafundi abafunda khona kothisha, kontanga nasemiphakathini yabo akuphelele kahle. Akuphelele ngoba isiZulu asikhulunywa emiphakathini laba bafundi abaqhamuka kuyona ngoba akulona lolu ulimi abavamise ukuxhumana ngalo emakhayo. Ngaleso sizathu, laba bafundi bazithola bengakwazi ukusebenzisa ulimi lwesiZulu njalo uma sebephumile ekilasini. Ngakho-ke, lolu cwaningo luthole ukuthi izinhlobo ezahlukene zezindlela namasu okufundisa okusetshenziswa ngothisha besiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza ngeke zibe impumelelo uma ukusebenzisana okunxantathu kungaphelele, lapho abafundi bakwazi khona ukulalela nokukhuluma ngokukhululeka ulimi lwesiZulu nothisha, ontanga namalungu omphakathi, ngaphakathi nangaphandle kwamagceke esikole. Amatemu anqala: Ikhono lokulalela nokukhuluma, isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza, I-Social constructivism; izindlela namasu okufundisa; ukufunda okunxantathu

Description

Master’s Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI