Repository logo
 

Ukufundisa ukufunda okubhaliwe ngesiZulu ulimi lwasekhaya ngohlelo lwe CAPS kubafundi bebanga le 10 ezikoleni ezimbili esiyingini saseMhlathuzana.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2016

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Aphansi amazinga okufunda okubhaliwe kubafundi baseNingizimu Afrika futhi kuseyinkinga engakasitholi isisombululo. Kuze kube yimanje awukho umbiko usuke wabika ubungcono kule nkinga, nakuba ikhona imizamo eyenziwayo ukulwa nale nkinga kodwa asikabi bikho isisombululo. Inhloso yalolu cwaningo ukubheka Ukufundisa ukufunda okubhaliwe ngesiZulu uLimi Lwasekhaya ngokohlelo lwe-CAPS kubafundi bebanga le-10. Ucwaningo luhlose ukuphendula imibuzongqangi emithathu elandelayo: (i) Othisha besiZulu ulimi lwasekhaya bebanga le-10 basezikoleni zaseMhlathuzana bakuqonda kanjani ukufundisa ukufunda okubhaliwe belandela uhlelo lwe-CAPS? (ii) Othisha besiZulu ulimi lwasekhaya bakufundisa kanjani ukufunda okubhaliwe ebangeni le-10 ezikoleni ezisesiyingini zaseMhlathuzana? (iii) Zizathu zini ezenza othisha besiZulu uLimi lwaseKhaya bafundise ukufunda okubhaliwe ngendlela abenza ngayo ebangeni le-10 lapho belandela uhlelo lwe-CAPS ezikoleni ezisesiyingini saseMhlathuzana? Ucwaningo lwenziwe elokishini lakwaNdengezi ePinetown, lapho isiZulu siwulimi olukhulunywa emphakathini, kanti nasezikoleni zamabanga aphezulu kusetshenziswa sona njengolimi lwasekhaya ekufundeni. Ucwaningo lwenziwe ezikoleni ezimbili ezisesiyingini saseMhlathuzana. Othisha ababeyingxenye yocwaningo babebane, isikole nesikole kwakuba othisha ababili. Ucwaningo lulucwaningo lobunjalo besimo (qualitative case study), ngaphansi kwe-interpretivist paradigm. Kusetshenziswe izingxoxo ezisakuhleleka (semi-structured interviews) nokubukela othisha befundisa (observations), njengezindlela zokuqoqa ulwazi locwaningo. Kusetshenziswe insizakuhlaziya i-schema theory (Bartlett, 1932) njengohlaka lwenjulalwazi kanye nohlaka lwemicabango ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Kugqama izindikimba ezinhlanu olwazini olutholakalayo. Kukhona emayelana nolwazi ngesifundo sokufundisa okubhaliwe kothisha abafundisa isiZulu uLimi Lwasekhaya ngohlelo lwe-CAPS. Lapha kuvela ukuthi sengathi othisha badinga ukulekelelwa ngolwazi lwesifundo ikakhulukazi ukufunda okubhaliwe nokufundisa. Enye imayelana namasu okuzakhela izinsizakufundisa. Lapha kuvela ukuthi othisha bathembele ezincwadini ezifundwa ngabafundi zemibhalo efundwa ekilasini. Enye imayelana nezinselelo ezimayelana nokuqeqesheka kothisha ohlelweni lwe-CAPS. Othisha baveza ukuthi abaqeqeshekile ngokwanele ekulandeleni uhlelo lwe-CAPS ezifundweni abazifundisayo. Enye imayelana nobude besikhathi sokufundisa. Kutholakale ukuthi isikhathi sokufundisa ukufunda okubhaliwe asanele uthisha uze angakwazi ukuhlola abafundi esifundweni sokufunda okubhaliwe. Enye indikimba imayelana nokungasebenzi kwebhodi uma kufundwa isifundo sokufunda okubhaliwe. Lokhu akujwayelekile ukusebenzisa ibhodi uma ufundisa ukufunda okubhaliwe. Imiphumela yocwaningo ikhombisa ukuthi abakwenzayo othisha kunomthelela ongemuhle kubafundi abafundisayo ekufundiseni kwabo ukufunda okubhaliwe.

Description

Master of Education in Education Studies. University of KwaZulu-Natal, Edgewood 2016.

Keywords

Zulu language--Reading., Reading--Education--South Africa--KwaZulu-Natal., Native language and education--South Africa--KwaZulu-Natal., Theses--Education., Ukufunda okubhaliwe., IsiZulu--Ulimi lwasekhaya.

Citation

DOI