Repository logo
 

Ucwaningo lokuhlola izindlela namasu asetshenziswa othisha bebanga lesithathu ekufundiseni isingisi ulimi lwesibili kubafundi abenza nesiZulu ulimi lwasekhaya ukuthuthukisa ubulimimbili obengezayo ezikoleni ezimbili eziseNanda.

Thumbnail Image

Date

2021

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

ISIFINGQO Ukufundwa kolimi lwesibili ezikoleni zaseNingizimu Afrika kuthathwa njengesenzo esibalulekile uma kubukwa isimo sezwe sobuliminingi. Yize kunjalo, kubukeka kusenezinselelo zokungabinawo kwamakhono nolwazi ngezindlela namasu nangenqubo yokufundiswa kwesiNgisi ulimi lwesibili kothisha basezikoleni ezisemalokishini. Ucwaningo lwenziwe ezikoleni ezimbili zamabanga aphansi elokishini lama-Afrika lase-Inanda lapho isiZulu siwulimi olukhulunywa emphakathini kanti nasezikoleni zamabanga aphansi kusetshenziswa sona njengolimi lokufundisa. Abahlanganyeli balolu cwaningo kwabe kungothisha abane besifazane, ababili babekwesinye isikole, nabanye ababili bekwesinye. Lolu cwaningo ucwaningo lobunjalo besimo (qualitative case study), ngaphansi kwe- interpretivist paradigm. Kusetshenziswe izinhlololwazi ezisakuhleleka (semi-structured interviews), ukubukelwa kothisha befundisa (observations) kanye nendlela yokuhlaziywa kwamadokhumenti (document analysis) njengezindlela zokuqoqa ulwazi. Ucwaningo luphinde lusebenzise izindlela zocwaningo lobunjalo besimo ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Kusetshenziswe injulalwazi kaKrashen (1981) yokutholwa kolimi lwesibili kanye nohlaka lwemicabango ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Kugqame izindikimba ezine olwazini olutholakele. Kukhona emayelana nokungabi nolwazi olwanele ngezindlela namasu okufundisa isiNgisi ulimi lwesibili. Lapha kuvele ukuthi othisha abanalo ulwazi olunzulu ngezindlela namasu okufundisa isiNgisi ulimi lwesibili. Enye indikimba imayelana nokungabibikho kwezinsizakufunda nezinsizakufundisa ezanele. Lapha kuvele ukuthi othisha basebenzisa ibhodi likashoki nezincwadi ezihlelelwe ukufundisa ulimi kuphela lapho befundisa isiNgisi ulimi lwesibili. Enye indikimba imayelana nokungatholwa kosizo loMnyango WeZeMfundo eyiSisekelo ngokwanele. Kanti enye imayelana nobungoti bokwazi ulimi lwesibili okuyisiNgisi kothisha. Lapha othisha babonakala bengenalo ulwazi olwanele ngolimi lwesibili okuyisiNgisi. Imiphumela yalolu cwaningo ikhomba ukuthi usemningi umsebenzi okusafanele wenziwe mayelana nokuthuthukiswa kolwazi ngezindlela namasu okufundisa isiNgisi ulimi lwesibili kanye nokuthuthukiswa kwamakhono okufundisa isiNgisi ulimi lwesibili. Ngakho-ke ucwaningo lusonga ngokuthi uMnyango WeZemfundo eyiSisekelo kufanele wenze isiqiniseko sokuthi izinhlelo ozihlelayo kuba yizinhlelo eziqhubekayo (on-going) ezizothuthukisa amakhono othisha okufundisa isiNgisi ulimi lwesibili.

Description

Master’s Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI