Repository logo
 

Ukuhlaziywa kwamagama abalingiswa emibhalweni Ka-M.J. Mngadi.

dc.contributor.advisorDlamini, Phindile Dorothy.
dc.contributor.authorDlamini, Bongeka Fortunate.
dc.date.accessioned2022-07-29T13:14:37Z
dc.date.available2022-07-29T13:14:37Z
dc.date.created2021
dc.date.issued2021
dc.descriptionMasters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.en_US
dc.description.abstractAmagama abalingiswa akhulisa umqondo wombhalo ngoba kuyabhekeka ukuthi ngabe abalingiswa bayawalandela yini amagama abawanikiwe noma cha. Ekuqanjweni kwamagama kuqapheleka nekhono lombhali ngeso elibanzi nelibukhali. Lolu cwaningo luhlose ukuhlaziya kabanzi amagama abalingiswa emibhalweni kaMngadi. Amagama abalingiswa ayingxenye ebalulekile emibhalweni yobuciko ngoba yiwona alekelelayo ukuthi lowo ofundayo akwazi ukuhlukanisa abalingiswa. Liyancomeka ikhono likaMngadi lokuqamba abalingiswa amagama ahambelana nezenzo zabo. Emibhalweni kaMngadi, baningi abalingiswa abanamagama amabili noma ngaphezulu. Lokho kwenza ukuthi kuvele izinhlobo ezingafani zamagama, ngokwesibonelo, umlingiswa angaba negama lesiNgisi kanye nelesiZulu. Imvamisa elesiNgisi umlingiswa ubizwa ngalo esikoleni noma emsebenzini, kanjalo namagama ezidlaliso. Kwesinye isikhathi uMngadi uqamba ngisho amagama ahambelana nesihloko sendaba, okuveza ubuchule bombhali. Njengoba imvamisa yamagama aqanjwa uMngadi eveza ukuhambisana nendlela umlingiswa asuke eziphethe ngayo noma alindeleke ukuba aziphathe ngayo, ziyavela izincazelo eziveza isimomnqondo umzali ayesuke ekuso ngenkathi eqamba ingane yakhe endabeni. Lokhu kuvezwa ngendlela yokujeqeza emuva kanye nokufunza umlingiswa amagama athize. Imibhalo kaMngadi inawo futhi amagama abikezela okuthize okuzokwenzeka endabeni. Kuyenzeka igama libikezele okuhle noma okubi. Lolu cwaningo luqhutshwe ngendlelakubuka i-inthaphrethivu, kusetshenziswa indlela yekhwalithethivu. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa imibhalo kaMngadi ukubheka amagama abalingiswa ukuze ahlaziywe. Kuzobhekwa amanoveli kanye nezindaba ezimfushane ukuze kubhekwe amagama abalingiswa. Kusetshenizswe izinjulalwazi ezimbili, okuyinjulalwazi yeLitherari Onomastiki kanye neyeNcazelomagama.en_US
dc.description.notesThesis in isiZulu.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/20724
dc.language.isootheren_US
dc.subject.otherZulu personal names.en_US
dc.subject.otherAmagama abalingiswa.en_US
dc.subject.otherLitherari nomastikien_US
dc.subject.otherLiterary onomastics.en_US
dc.subject.otherMngadi, MJ--Zulu novels.en_US
dc.titleUkuhlaziywa kwamagama abalingiswa emibhalweni Ka-M.J. Mngadi.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Dlamini_Bongeka_Fortunate_2021.pdf
Size:
2.71 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: