Repository logo
 

Inzukaziyeki yokufunda nokufundiswa kwesizulu ulimi lwesibili emabangeni akhaphezayo (4-6) ezikoleni ezisesiyingini saseMlazi, KwaZulu-Natali.

dc.contributor.advisorButhelezi, Thabisile Makhosazana.
dc.contributor.authorKhohliso, Xolani David.
dc.date.accessioned2021-08-06T15:34:08Z
dc.date.available2021-08-06T15:34:08Z
dc.date.created2020
dc.date.issued2020
dc.descriptionDoctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.en_US
dc.description.abstractUkufunda nokufundisa ulimi lwesiZulu ezikoleni zaseNingizimu Afrika kusabukeka kunezingqinamba eziningi ezidalwa ukuthi siwulimi olwalucindezelwe ngesikhathi sobandlululo. Ukuhlelwa koHlelo lwezifundo nakho kubukeka kungadlali indima etheni ekulekeleleni ukuba isiZulu sifundiswe ngendlela ezothuthukisa abafundi futhi baphumelele ngokwezinga lolwazimfundo. Ngakho-ke lo mqingo wethula ulwazi olutholakele maqondana nocwaningo oluphenye ngenzukazikeyi yokufunda nokufundiswa kwesiZulu uLimi lwesiBili ezikoleni ezixube izinhlanga emabangeni akhaphezelayo. Lolu cwaningo lwenziwe ezikoleni ezixube izinhlanga ngenhloso yokuphenya ngokwenzeka emakilasini esiZulu uLimi lwesiBili ngesikhathi sokufunda okuholela ekungaphumelelini kwabafundi ngendlela elindelekile. Ulwazi olutholakele ngiluhlaziye ngisebenzisa uhlaka lwenjulalwazi—iNjulalwazi kaKrashen (1981) yokuthola uLimi lwesiBili. Ngibe sengiyihlobanisa nohlaka lwemicabango ethinta ezinye izingxenye zalolu cwaningo ngenhloso yokuhlaziya lonke ulwazi okutholakele. Umklamo nezindlela zocwaningo ezilandeliwe ngesikhathi kwenziwa lolu cwaningo, yizona ezikhiqize imiphumela ehlabahlosile. Lolu ucwaningo lobunjalo botho ngoba bengihlose ukuqoqela ulwazi kubahlanganyeli abahlala kuleso simo nsukuzonke. Ngibe sengilandela indlelande ye-ethinografikhi ngenhloso yokuthi ngifunda ukuchitha isikhathi esanele ensimini ukuze ngikhiqize ulwazi olukholekayo ngocwaningo. Ngisebenzise ipharadayimu yokuhlolisisa ngoba lolu cwaningo belubheka ubuqiniso bokunto nobukhephukhephu bokufundiswa kwesiZulu uLimi lwesiBili ukuze ngiqhamuke nokungaguqula isimo. Ngikhiqize ulwazi lwenhlololwazi ezikoleni eziyisikhombisa lapho ngicaphune khona othisha ababili isikole ngasinye okwenza isamba sothisha abayishumi nane ngaphinda ngayothamela izifunjwana zabo emakilasini. Ngiphinde ngenza inhlolovo yohlamibuzo ezikoleni ezingamashumi ayisithupha nane ngaphinde ngabheka izincwadi ezisetshenziswa othisha kanye nemiqulu yoMnyango WezeMfundo. Lolu cwaningo ludalule ukuthi kunenzukazikeyi yokulahleka kolimi kubafundi besiZulu uLimi lwesiBili ngenxa yokuthi ekilasini elilodwa kuhlangene abafundi abasemazingeni angalingani olwazi lwesiZulu. Lokho kwenza othisha bagcine begxile kakhulu kubafundi abanolwazi oluntengayo okuholela ekutheni abafundi osiZulu ulimi lwabo lwaseKhaya bagcina bezuze kancane olwazini olusha ngesikhathi sokufunda kanti futhi ikhono lokubhala ilona elisantuleka kakhulu kubafundi. Kuvelile ukuthi othisha bantula ulwazi ngezinhlotshana zolimi kanti kunenkinga futhi yokusweleka kwezinsizakusebenza zesiZulu uLimi lwesiBili, lokho okwenza kube nzima ukusebenza ngempumelelo kothisha. Uma kubhekwa imibhalo kuvele ukuminyana kohlelo lomsebenzi enqubomgomeni yesiZulu uLimi lwesiBili okuholela ekuxakekeni kothisha ngohlelo lomsebenzi nesikhathi sokusebenza kanye nokuxakaniseka kothisha ngemisebenzi yokuhlola okuhlelekile. Lolu cwaningo ludalule ukwentuleka kwamasu nezindlela zokufundisa isiZulu uLimi lwesiBili kothisha okuholele ekutheni bagcine sebefundisa ngomphonse wendlela yomhumusho wohlelolimi Ngakho-ke kulolu cwaningo ngiphakamisa indlela eyisifanekiso esixoxa ngamazinga abafundi abadlula kuwo ukuze bafinyelele ekuqondeni isiZulu uLimi lwesiBili ngempumelelo. Engxoxweni yalesi sifanekiso ngibe sengiqondanisa izinga nezinga namabanga ezikole kusukela enkulisa kuze kufinyelele kumatikuletsheni. Lesi sifanekiso singaba usizo kakhulu ohlelweni lwezifundo zoMnyango WezeMfundo kanye nendlela othisha abafundisa ngayo ezikoleni ezixube izinhlanga kanye nezifundisa isiZulu uLimi lwesiBili.en_US
dc.description.notesEnglish Title translated from Zulu : THE PROGRESS OF ISIZULU LANGUAGE LEARNING AND TEACHING SECOND GRADE (4-6) IN SCHOOLS IN THE UMLAZI C district, KWAZULU-NATAL.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19715
dc.language.isootheren_US
dc.subject.otherTeaching and learning.en_US
dc.subject.otherisiZulu second language.en_US
dc.subject.otherIntermediate phase.en_US
dc.subject.otherEducational thinking.en_US
dc.subject.otherTheory of second language.en_US
dc.titleInzukaziyeki yokufunda nokufundiswa kwesizulu ulimi lwesibili emabangeni akhaphezayo (4-6) ezikoleni ezisesiyingini saseMlazi, KwaZulu-Natali.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Khohliso_Xolani_David_2020.pdf
Size:
12.21 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: