Repository logo
 

Indlelakubuka yabafundi nabazali ngokufundwa nokufundiswa kohlelo lolimi lokuqala lokwengeza lwesiZulu esikoleni esixube izinhlanga e-Vryheid.

dc.contributor.advisorDlamini, Phindile Dorothy.
dc.contributor.advisorNgcobo, Tholakele Ruth.
dc.contributor.authorMhlungu, Siphosenkosi Zeblon.
dc.date.accessioned2022-08-30T00:13:02Z
dc.date.available2022-08-30T00:13:02Z
dc.date.created2021
dc.date.issued2021
dc.descriptionMasters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.en_US
dc.description.abstractIsiZulu singezinye zezilimi ezihamba phambili esifundazweni saKwaZulu- Natali. UHulumeni wahlaba ikhwelo lokuthi zonke izikole ezaziwa ngama x- Model C zifunde izilimi zaboHlanga. Lokhu kwakuncike ekutheni yiluphi ulimi olukhulunywa kahle kakhulu esifundazweni ngasinye. NjengaKwaZulu Natali nje kukhulunywa isiZulu naseEastern Cape kukhulunywa isiXhosa. Lolu cwaningo luqhutshwe esifundeni saseZululand esikoleni esixube izinhlanga esiseVryheid. Abantwana abangamaZulu bangena ezikoleni esezaziwa njengama x- Model C ngenhloso yokuthola imfundo engcono. Ulimi lokufunda nokufundisa kulezi zikole isiNgisi. IsiNgisi siba yisibelele kusukela enkulisa kuze kube semazingeni athe thuthu. Iningi lalaba bafundi liqhamuka edolobheni eVryheid nasemalokishini akhele leli dolobha. Iningi lalaba bafundi laqala imfundo yalo yamabanga aphansi ezikoleni zabamhlophe ezikhuluma ulimi lwesiNgisi nesiBhunu. Abanye babantwana abangamaZulu kulesi sikole bakhule bejwayele ukukhuluma ulimi lwesiNgisi nesiBhunu. Ucwaningo beluhlose ukubheka indlelakubuka yabafundi nabazali ngokufundwa nokufundiswa kohlelo lolimi Lokuqala Lokwengeza lwesiZulu esikoleni esixube izinhlanga esiseVryheid. Lolu cwaningo lusebenzise indlela exubile yekhwalithethivu kanye nekhwantithethivu, ngoba izimpendulo ziphinde zahunyushwa ngezinombolo ukuqoqa ulwazi. Lolu cwaningo lusebenzise ipharadayimu yekhrithikhali. Lolu cwaningo lusebenzise insizakuhlaziya yeHegemony kaGramsci, 1971. Ulwazi locwaningo luqoqwe lwahlaziywa ngokwezindikimba ezivezwe ngezihlokwana. Ukuqoqwa kwalo kuhlanganisa imibuzo esakuhleleka, izingxoxo ezisakuhleleka, ukuqoqa ulwazi ngokubukela kanye nokuhluzwa kwamadokhumenti. Bonke ababambiqhaza bavela esikoleni esixube izinhlanga esisesifundeni saseZululand eVryheid. Ucwaningo luveza ukuthi abafundi besiZulu ulimi Lokuqala Lokwengeza babhekene nezinselelo eziningi ezahlukene. Ukwentuleka kwesisekelo solwazi lwesiZulu njengesifundo, ukwakhelwa umkhanya kwesiZulu kanye nokungakhulunywa kwesiZulu esicwengekile emakhaya nasesikoleni.Ucwaningo luveze izimpendulo ezingezinhle ngendlela abafundi abasibuka ngayo isiZulu. Ucwaningo luveze ukuthi abazali bancamela isiNgisi kunesiZulu. Ucwaningo luveze izindlela ezahlukene zokuqhakambisa isiNgisi ngaphezu kwesiZulu. Nakuba kunjalo ucwaningo lunikeze umhlahlandlela nezincomo ezizokwazi ukuhlangabezana nezingqinamba ezivezwe ababambiqhaza. Amagama amqoka: IsiZulu ulimi Lokuqala Lokwengeza, Abazali, Abafundi, Indlelakubuka.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/20784
dc.language.isootheren_US
dc.subject.otherSecond language learners--English.en_US
dc.subject.otherSchool children--English first additional language (EFAL).en_US
dc.subject.otherEnglish second language learners.en_US
dc.subject.otherEnglish first additional language (EFAL)--Parents.en_US
dc.subject.otherEnglish first additional language (EFAL)--KwaZulu-Natal.en_US
dc.titleIndlelakubuka yabafundi nabazali ngokufundwa nokufundiswa kohlelo lolimi lokuqala lokwengeza lwesiZulu esikoleni esixube izinhlanga e-Vryheid.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Mhlungu_Siphosenkosi_Zeblon_2021.pdf
Size:
4.51 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: