Repository logo
 

Ucwaningo lwemibono yothisha nabafundi bebanga leshumi nanye besiZulu ulimi lwasekhaya ngosiko lokuthwala amantombazane esikoleni esikwaNdengezi.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2021

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

ISIFINGQO Inhloso yalolu cwaningo ukubheka ukuthi othisha nabafundi besiZulu ulimi lwasekhaya bebanga le-11 banamiphi imibono ngesiko lokuthwala. Lolu cwaningo luhlose ukuphendula imibuzongqangi emithathu yalolu cwaningo ethi: (a) Othisha besiZulu ulimi lwasekhaya bebanga le -11 banamiphi imibono ngesiko lokuthwala esikoleni esiKwaNdengezi esikoleni? (b) Abafundi besiZulu ulimi lwasekhaya bebanga le-11 banamiphi imibono ngesiko lokuthwala esikoleni esiKwandengezi? (c) Zizathu zini ezenza othisha nabafundi babuke isiko lokuthwala ngendlela abalibuka ngayo esikoleni esiKwaNdengezi? Lolu cwaningo lwenziwa esikoleni samabanga aphezulu endaweni yaKwaNdengezi. Lapho abahlanganyeli balolu cwaningo kwakungothisha ababili abafundisa isiZulu ulimi lwasekhaya kanye nabafundi abayisishiyagalombili, abafana abane namantombazane amane abafunda isiZulu ulimi lwasekhaya. Lolu cwaningo lusebenzise indlela yekhwalithethivu ngaphansi kwepharadaymu egxekayo (critical paradym) ngoba lepharadaymu ibuka umhlaba ngeso lokuletha ushintsho kumbe ilethe intuthuko esimweni senhlalo yabantu. Ngalokhu kuhloswe ukuthi uma abantu befunda lo mbhalo bashintshe indlela abaqhuba ngayo leli siko. Lolu cwaningo liwucwaningo lwesimo (case study). Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa izingxoxo ezisakuhleleka (semi-structured interviews) kanye nezingxoxo zamaqembu (Focused groups). Kulolu cwaningo kusetshenziswe injulalwazi yefeminizimu nemaksizimu. Ngisebenzise lezi zinjulalwazi ngoba zombili lezi zinjulalwazi zilwela ukuthi kube khona ubudlelwane obuhle phakathi kwemiphakathi ehlalisene. Kusetshenziswe nohlaka lwemicabango lapho kusetshenziswe amakhonsephthi ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Ziyishumi nantathu izindikimba ezigqamile kulolu cwaningo olwazini olutholakele. Imibono yothisha nabafundi ngesiko lokuthwala iveze izindikimba ezilandelayo: indikimba yokuqala ithi: isiko lokuthwala nokuphazamisa umsebenzi kathisha nowomfundi. Izingane ezithwaliwe ziyalova, zikhulelwe bese ziphoqeleka ukuba ziyeke isikole. Eyesibili imayelana nesiko lokuthwala nokuqhutshwa kobugebengu. Lobu bugebengu bumbandakanya ukuthumba, ukudlwengula kanye nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu besifazane. Eyesithathu indikimba iveza isiko lokuthwala nokuba nemali. Abantu abathwala izingane zamantombazane ngoba banemali baheha abazali bazo ngemali. Eyesine indikimba imayelana nabasemagunyeni nokuthwalwa kwezingane zamantombazane. Le ndikimba iveza ukuthi iziphathimandla azenzi lutho ukunqanda leli siko ngoba zilibona kuyisiko elihle kanti nazo ziyaleza leli siko. Eyesihlanu indikimba ibalula ukuthi isiko lokuthwala alisahambisani nesikhathi esiphila kuso manje. Leli siko libukeka seliphelelwe isikahathi. Indikimba yesithupha iveza ukuthi abazali abazivikeli izingane zabo. Le ndikimba ikhombisa ukuthi abazali abazivikeli izingane zabo kuleli siko kunalokho bavele bavumelane nabenzi baleli siko. Eyesikhombisa abafundi nencazelo zabo ngesiko lokuthwala kanye nemithelela yalo. Lapha kuvela izindlela ezintsha esekwenziwa ngazo leli siko. Eyesishiyagalombili indikimba iveza isiko lokuthwala nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu besifazane. Le ndikimba ikhombisa ukuthi abantu abadala abathwala izingane ezincane zamantombazane bayazihlukumeza ngezindlela eziningi ngendlela yokuthi bathwala izingane zamantombazane ngaphandle kwemvume yazo. Indikimba yesishiyagalolunye mayelana nabafundi nalwazi ngabake bathwala. Le ndikimba iveza ulwazi abafundi abanalo mayelana namantombazane ake athwalwa. Yilapho kuvela khona ubuhlungu obuzwiwa abasondelene nezisulu zaleli siko. Eyeshumi imayelana nokubukelwa phansi komuntu wesifazane emphakathini. Le ndikimba iveza ukuthi ukuganiswa kwezingane zamantombazane ngempoqo kuyinkomba yokungalingani ngokobulili emphakathini. Eyeshumi naye umendo njengento ebaluleke kakhulu kubantu besifazane. Le ndikimba iveza ukuthi abazali benikela ngezingane zabo kubantu abangabazi ngoba wonke umzali ufuna ukuthi ingane yakhe igane. Eyeshumi nambili imayelana nezinga eliphansi lemfundo yamantombazane. Le ndikimba iveza ukuthi amantombazane ayizisulu zesiko lokuthwala agcina engasiqedanga isikole. Eyeshumi nantathu iveza indlela abazizwa ngayo labo abasondelene nezisulu. Le ndikimba iveza ukuthi isiko lokuthwala alihlukumezi izisulu kuphela kodwa nalabo abasondelene nezisulu. Ucwaningo luphetha ngokuthi kumele kuhlangane zonke izinhlaka zemiphakathi kukhulunywe ngemiphumela emibi yaleli siko bese kushaywa imithetho eqeda leli siko ngoba liyisiko elinesihluku futhi licindezela amalungelo abantu besifazane

Description

Master’s Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI