Repository logo
 

Ukuhlaziywa kolimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo.

dc.contributor.advisorMazibuko, Gugulethu Brightness.
dc.contributor.authorMtshali, Thamsanqa Justice.
dc.date.accessioned2019-01-21T06:31:27Z
dc.date.available2019-01-21T06:31:27Z
dc.date.created2016
dc.date.issued2016
dc.descriptionMaster of Art in African Languages. University of KwaZulu-Natal, Durban 2016.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo luhlaziya ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo, luphinde luveze umthelela wala magama olimini lwesiZulu. Lolu cwaningo lugxile kakhulu emtheleleni walolu limi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo ekukhuliseni ulimi lwesiZulu. Lolu cwaningo lwenziwe emaqenjini ebhola likanobhutshuzwayo esiFundazweni saKwaZulu-Natali, eThekwini namaphethelo. Isidingo esikhulu salolu cwaningo ukuthola ukuthi yiluphi ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo. Lapha kubhekwa izimvo zezintatheli, abalandeli kanye nabadlali bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo mayelana nolimi olusetshenziswa kulo mdlalo. Ulwazi kulolu cwaningo luqoqwe ngokusebenzisa indlela yekhwalithethivu. Ucwaningo ngokwekhwalithethivu lugxile ezintweni ezenzeka ngokwemvelo yazo. Lolu lwazi luqoqwe ngokusebenzisa izingxoxo, ukucutshungulwa kwemibhalo kanye nokubukela okwenzekayo ezinkundleni zemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo. Imithombo yolwazi okuxoxwe nayo kulolu cwaningo kube yizintatheli, abadlali kanye nabalandeli bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo. Izintatheli zisebenzisa lolu ulimi ukubhala ngemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo emaphephandabeni. Abasakazi bezemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo emisakazweni ehlukene kanye nakumabonakude basebenzisa lolu limi ukwethula imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo. Abadlali kanye nabalandeli bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo basebenzisa lolu limi ezinkundleni zemidlalo uma bephawula ngokwenzeka emidlalweni yebhola likanobhutshuzwayo. Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo lubaluleke kakhulu olimini lwesiZulu njengoba lunegalelo elikhulu ekuthuthukiseni nasekunothiseni ulimi lwesiZulu uma lungabhalwa phansi lubuye lufakwe ezincwandini zona ezisebenza njengenqolobane yolimi. Lolu cwaningo luveze ukuthi ulimi lwesiZulu lusethubeni lokukhula ludlondlobale lapha eNingizimu Afrika inqobo nje uma abanikazi balo belukhathalela.en_US
dc.description.notesThesis written in IsiZulu.en_US
dc.identifier.urihttp://hdl.handle.net/10413/16007
dc.language.isoen_ZAen_US
dc.subject.otherIbhola likanobhutshuzwayo.en_US
dc.subject.otherUkuhlaziywa kolimu.en_US
dc.subject.otherUlimi lwesiZulu.en_US
dc.subject.otherUcwaningo.en_US
dc.subject.otherUlimi lwesitsotsi.en_US
dc.titleUkuhlaziywa kolimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo.en_US
dc.typeOtheren_US

Files

Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Mtshali_Thamsanqa_Justice_2016.pdf
Size:
1.51 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: