Repository logo
 

Izindikimba nokuvezwa kwabalingiswa besifazane kweminye imibhalo yesiZulu ebhalwe ngababhali besifazane ngemuva kwesikhathi senkululeko.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2023

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Kulolu cwaningo bekubhekwa ukuvezwa kwabalingiswa nezindikimba okubhale ngazo ababhali besifazane emibhalweni ethize yesiZulu. Umcwaningi uqoke izincwadi ezibhalwe ngababhali besifazane baseNingizimu Afrika. Kuvelile izindikimba ezivela kakhulu emibhalweni yabhali besifazane okuyindikimba yothando, yokuhlukunyezwa, yokukhulisa izingane ngabodwana neyokwesweleka kwemisebenzi. Lezi zindikimba zivela kuzona zonke izincwadi eziqokiwe nokwenze umcwaningi abone ukuthi zibathinta kanjani abantu besifazane njengoba kubhalwa kakhulu ngazo. Umcwaningi uphinde waveza abalingiswa besifazane lapho bevezwa ngababhali besifazane. Kulokho okugqamayo ukuthi eminingi imibhalo ebhalwe ngabesilisa ibingakuvezi ubuqiniso lapho yethula umlingiswa wesifazane bekuba into abayikhanda ngendlela nangeso lomuntu wesilisa kungekho ukujula njengalapho ebhekwa ngowesifazane. Lolu cwaningo lube nayo impumelelo njengoba umcwaningi ekwazile ukujula kulezo zingqikithi abeqoke ukugxila kuzona ocwaningweni lwakhe.

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI