Repository logo
 

Isizinda nendikimba yobugebengu emibhalweni engamanoveli : ‘Kuyoqhuma nhlamvana’, ‘Igazi lezibi’, ‘Ayikho impunga yehlathi nethi Inkinsela yaseMgungundlovu.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2020

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Ubugebengu buyinto esihlukumezayo sonke njengomphakathi owakhele izindawo ezahlukene. Kuyenzeka busihlukumeze ngqo noma bahlukumeze labo esisondelene nabo kanti ziningi nezizathu zobugebengu. Ababhali baye bahlale imibhali eyahlukene ukufundisa kanye nokuqwashisa ngobugebengu. Lolu cwaningo luphenya ngomthelela wesizinda ebugebengwini obutholakala emanovelini anendikimba yobugebengu. Inhloso yalolu cwaningo ukuphenya kabanzi ukuthi isizinda; indawo, inkathi kanye nesimo senhlalo sinamuphi umthelela ebugebengwini obahlukene obutholakala emanovelini esiZulu amane anendikimba yobugebengu. Okunye okuhloswe yilolu cwaningo ukuhlola ukuthi ababhali bayethula kanjani indikimba yobugebegu. Lolu cwaningo luphinde luhlaziye ngokuthi yiziphi izimbangela nomphumela wobugebengu. Ucwaningo luqutshwe ngokusebenzisa indlela yokuqhuba ucwaningo ye-interpretive kanye nendlela yekhwalithethivu. Ulwazi luqoqwe emanovelini amane esiZulu anendikimba yobugebengu. Imiphumela yalolu cwaningo iveza ukuthi yinkulu indima edlalwa yisizinda ebugebengwini kodwa ngezindlela ezingafani. Lokhu kuqinisekiswe yimiphumela yokuqathaniswa kwamanoveli asetshenzisiwe kulolu cwaningo.

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI