Repository logo
 

Indlelakubuka yabafundi nabazali ngokufundwa nokufundiswa kohlelo lolimi lokuqala lokwengeza lwesiZulu esikoleni esixube izinhlanga e-Vryheid.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2021

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

IsiZulu singezinye zezilimi ezihamba phambili esifundazweni saKwaZulu- Natali. UHulumeni wahlaba ikhwelo lokuthi zonke izikole ezaziwa ngama x- Model C zifunde izilimi zaboHlanga. Lokhu kwakuncike ekutheni yiluphi ulimi olukhulunywa kahle kakhulu esifundazweni ngasinye. NjengaKwaZulu Natali nje kukhulunywa isiZulu naseEastern Cape kukhulunywa isiXhosa. Lolu cwaningo luqhutshwe esifundeni saseZululand esikoleni esixube izinhlanga esiseVryheid. Abantwana abangamaZulu bangena ezikoleni esezaziwa njengama x- Model C ngenhloso yokuthola imfundo engcono. Ulimi lokufunda nokufundisa kulezi zikole isiNgisi. IsiNgisi siba yisibelele kusukela enkulisa kuze kube semazingeni athe thuthu. Iningi lalaba bafundi liqhamuka edolobheni eVryheid nasemalokishini akhele leli dolobha. Iningi lalaba bafundi laqala imfundo yalo yamabanga aphansi ezikoleni zabamhlophe ezikhuluma ulimi lwesiNgisi nesiBhunu. Abanye babantwana abangamaZulu kulesi sikole bakhule bejwayele ukukhuluma ulimi lwesiNgisi nesiBhunu. Ucwaningo beluhlose ukubheka indlelakubuka yabafundi nabazali ngokufundwa nokufundiswa kohlelo lolimi Lokuqala Lokwengeza lwesiZulu esikoleni esixube izinhlanga esiseVryheid. Lolu cwaningo lusebenzise indlela exubile yekhwalithethivu kanye nekhwantithethivu, ngoba izimpendulo ziphinde zahunyushwa ngezinombolo ukuqoqa ulwazi. Lolu cwaningo lusebenzise ipharadayimu yekhrithikhali. Lolu cwaningo lusebenzise insizakuhlaziya yeHegemony kaGramsci, 1971. Ulwazi locwaningo luqoqwe lwahlaziywa ngokwezindikimba ezivezwe ngezihlokwana. Ukuqoqwa kwalo kuhlanganisa imibuzo esakuhleleka, izingxoxo ezisakuhleleka, ukuqoqa ulwazi ngokubukela kanye nokuhluzwa kwamadokhumenti. Bonke ababambiqhaza bavela esikoleni esixube izinhlanga esisesifundeni saseZululand eVryheid. Ucwaningo luveza ukuthi abafundi besiZulu ulimi Lokuqala Lokwengeza babhekene nezinselelo eziningi ezahlukene. Ukwentuleka kwesisekelo solwazi lwesiZulu njengesifundo, ukwakhelwa umkhanya kwesiZulu kanye nokungakhulunywa kwesiZulu esicwengekile emakhaya nasesikoleni.Ucwaningo luveze izimpendulo ezingezinhle ngendlela abafundi abasibuka ngayo isiZulu. Ucwaningo luveze ukuthi abazali bancamela isiNgisi kunesiZulu. Ucwaningo luveze izindlela ezahlukene zokuqhakambisa isiNgisi ngaphezu kwesiZulu. Nakuba kunjalo ucwaningo lunikeze umhlahlandlela nezincomo ezizokwazi ukuhlangabezana nezingqinamba ezivezwe ababambiqhaza. Amagama amqoka: IsiZulu ulimi Lokuqala Lokwengeza, Abazali, Abafundi, Indlelakubuka.

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI