Repository logo
 

Izindlela zokufundisa izinondlo esiZulwini ulimi lwasekhaya ebangeni le-10 ezikoleni ezikhethiwe ezisesifundeni sase-King Cetshwayo.

dc.contributor.advisorGumbi, Phephani.
dc.contributor.authorMlambo, Nokuphila Qiniso.
dc.date.accessioned2024-12-31T17:24:31Z
dc.date.available2024-12-31T17:24:31Z
dc.date.created2024
dc.date.issued2024
dc.descriptionMasters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.
dc.description.abstractLolu cwaningo belubheka izindlela abafundisi abazisebenzisayo uma befundisa izinkondlo. Lolu cwaningo lubheka ukadebona wothisha ezikoleni zothisha mayelana nokufundiswa kwezinkondlo. Lolu waningo lwenziwe kusetshenziswa ucwaningo lobunjalo botho ngaphansi kwendlela kubuka yomhumusho, lolucwaningo lwegaqa lwenziwe kothisha basesifundeni iKing Cetshwayo esifundazweni akwaZulu-Natali. Izindlela ezisetshenzisiwe ukukhiqiza ulwazi kulolu cwaningo kusetshenziswe izinhlololwazi ukuthola ulwazi ngokukakadebona wothisha kusetshenziswa indlela yokuhlaziya ulwazi eyaziwa nge-thematic analysis ukuhlaziya ulwazi olutholakele kulolu cwaningo. Kulolu cwaningo abafundisi bakhombise ukuba nemizwa engafani mayelana nokufundiswa kwezinkondlo abanye bakuthola kumnandi abanye bakhombise ukungakuthakaseli kwazise abantu bayaphambana ngemibono. Umcwaningi uthole ukuthi zikhona izingqinamba abahlangabezana nazo othisha abathandayo ukufundisa izinkondlo, izinkinga ezifana nezinsizakufundisa nokunye. Ocwaningeni kuvele indlela othisha abafundisa ngayo izinkondlo incike kakhulu kwindlela bona abafundiswe ngayo ngaphambili, ingabe isemabangeni emfundo eyisisekelo noma isezikhungweni zemfundo ephakeme. Othisha abaningi baveze ukungaqeqesheki ngokwanele kwindlela ababefundiswa ngayo izinkondlo, yiyona eseyize yanomthelela kwindlela nabo asebefundisa ngayo. Abafundisi abaningi babanenkinga yokuthi abazi ukuthi kufanele baqale ngaphi uma bethi bahlaziya inkondlo ngendlela yokuthi umfundi akwazi ukuthi ayiqonde ngenxa yolimi oludephile noma olujiyile olusetshenziswa ezinkondlweni, isikhathi esincane esabelwa izinkondlo kanye nokuthi miningi imisebenzi okusuke kufanele ukuthi yenziwa yokufundisa kodwa isikhathi sisincane. Kokutholakele ocwaningeniukuthi othisha abaningi nakuba benalo uthando lokufundisa kodwa kule ngxenye yobuciko bomlomo okuyizinkondlo bakhombise ukungabi nalo ugqozi lokuyifundisa. Ocwaningeni ngithole ukuthi othisha abaningi kuleli banga le-10 ngenxa yomsebenzi omningi okusuke kufanele ukuthi wenziwe kuleso sigaba sonyaka ekufundiseni ulimi lwasekhaya bake uma sebefundisa bagxile kulokhu kuphela abazokukhipha esivivinyweni kwazise kula mabanga uthisha uyazibonela ukuthi abafundi uzobahlola kanjani, akufani nasebangeni le-12 lapho uthisha isivivinyo sokuhlola abafundi sihlelwe wezemfundo. Esiphethweni salolucwaningo ngibe sengigxila kwizinto okufanele ukuba zenziwe umnyango wezemfundo ukuqinisekisa ukuthi othisha uyabanakekela ngezidingo ukuze ukufunda nokufundisa kuhambe kahle, futhi kube ukuthi bayaqeqeshwa ngokwanele ngezindlela zokufundisa izinkondlo ukuze kuzokwakhekha nothando lwazo kubafundi.
dc.description.notesThesis written in isiZulu.
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10413/23523
dc.language.isoother
dc.subject.otherIndlela yokuhlaziya ulwazi.
dc.subject.otherThematic analysis.
dc.subject.otherIzinkondlo.
dc.subject.otherUkungaqeqesheki kothisha.
dc.subject.otherIndlela kubuka yomhumusho.
dc.titleIzindlela zokufundisa izinondlo esiZulwini ulimi lwasekhaya ebangeni le-10 ezikoleni ezikhethiwe ezisesifundeni sase-King Cetshwayo.
dc.typeThesis

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Mlambo_Nokuphila_Qiniso_2024.pdf
Size:
3.7 MB
Format:
Adobe Portable Document Format

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: