Repository logo
 

Ukunyamanisa izinganekwane ekuthuthukiseni ukukwazi ukufunda nokubhala emabangeni kusukela kwelokwamukela kuya kwelesithathu:ucwaningo lokufunda ezikoleni ezikhethiwe ezisesiyingini sasephayindane, KwaZulu-Natali, eNingizimu-Afrika.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2021

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

IQOQA Imfundo yaseNingizimu–Afrika ibalwa njengekhombisa ukuba namazinga aphansi ekungakwazini ukufunda nokubhala uma iqhathaniswa namanye amazwe asemhlabeni emabangeni ayisisekelo. Lolu cwaningo lwethula ulwazi engilutholile maqondana nokunyamanisa izinganekwane ekuthuthukiseni ukukwazi ukufunda okubhaliwe nokubhala emabangeni asukela kwelokwamukela kuya kwelesithathu. Lwenzelwe ezikoleni lapho kusetshenziswa khona ulimi lweBele ukufunda nokufundisa. Ulwazi engilutholile ngiluhlaziye ngokuthi ngisebenzise imicabangonzulu eyahlukene exhumene nalolu cwaningo nohlaka lwenjulalwazi yemfundosiguquli kaJack Mezirow. Ngakho kulolu cwaningo ngicacise ngomgudu wesifanekisomqondweni engisilandelile, isayensi yobukhona bolwazi, nenzululwazi yobukhona beqiniso. Ngisebenzise indlelakubuka yokuhlolisisa ngoba injongo yalolu cwaningo ukuletha ushintsho. Ngibe sengisebenzisa isifanekisomqondweni socwaningo lokuchazwa kwezizwe zomhlaba esincike ocwaningweni lobunjalo botho. Ngisebenze nothisha abangama-30 abafundisa ezikoleni ezisesiYingini sasePhayindane KwaZulu-Natali eNingizimu-Afrika befundisa amabanga kusukela kwelokwamukela kuya kwelesithathu. Lolu cwaningo luveze ukuthi othisha basantula indlelande kanye nolwazi lokufundisa amakilasi axube ngokwezilimi. Kuphinde kwavela ukuthi nakuba othisha benengcindezi yokuthi kumele basebenzise indlelande yokunyamanisa kodwa abanalo ulwazi mayelana nale ndlelande futhi abakutholi ukwesekwa okwanele nguMnyango WezeMfundo Emazingeni Aphansi yingakho bengenako ukuzethemba ngokuyisebenzisa. Izimpahlasiseko ezisetshenziswayo azinalo ulimi olwakha umqondo, ulimi olukhona lunobubha, izithombe zingongqimu abangahlobene nokubhaliwe futhi azihehi. Kuvelile nokuthi ukusetshenziswa kwezinganekwane kuqinisa imfundo yokukwazi ukufunda nokubhala kulawa mabanga. Engikuphakamisile ngukuthi kumele othisha besekwe ngokuthi bathuthukiswe ekufundiseni ngokusetshenziswa kwendlelayokunyamanisa kodwa ithwaxane nezinganekwane ukuze babe nokuzethemba uma beyisebenzisa. Indlelande yokusebenzisa izinganekwane ukufundisa ukukwazi ukufunda nokubhala kumele ithuthukiswe ngabacwaningi. Amatemu Anqala: Izinganekwane, indlelande, ukunyamanisa, ukukwazi ukufunda nokubhala.

Description

Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI